Ngiyakubingela MAZANKOSI. Ngisho wena sihlonishwa esibongo sakhe singuNDEBELE noma isihlobo ngendlela ethile.
Badabuka kuphi abakwaNdebele? Lombuzo uyinkinga kubaningi bakwaNdebele. Uma siwubuza lombuzo namhanje, umuntu uzizwa ebuza omunye umbuzo: ikusasa labakwaNdebele lusekelwe yimi? Kukuphi lapho bayakhona? Nalombuzo uyinkinga ngoba abantu bomndeni, abasazani kulezizinsuku zanamahlanje. Ngizizwa ngikhalela kuwe Ndebele ngoba nginethemba lokuthi sinesifiso esifanayo. Sidinga ukwazi ukuthi baphi abakwaNdebele namhlanje? Kukuphi lapho badabuka khona? Kukuphi lapho bayakhona?
Ngiyacela ukuthi omunye nomunye wakwaNdebele othola lesicelo asho ukuthi ungubani? Wazalelwa kuphi? Nini? Wazalwa ngobani? Izingane zakwenu zona ngobani? Nabo abazali benu bona bazalelwa kuphi? Nini? Bathathana nini? Kuphi?
Kuzoba kuhle futhi ukuthi usho ukuthi yiziphi izenzo zakho ezimqoka empilweni yakho ezivusa ugqozi. Kufanele phela ukuthi sikhuthazane, intsha yaMazankosi ifunde kulabo abasihambele ngaphambili.
Ngithumelele konke okwaziyo ngawe nabakini. Mina-ke, kanye nalabo abanesifiso sokufaka isandla (injobo enhle, phela, ithungelwa ebandla)ngizokuqokelela konke, ngikuhlele kahle ngemizi, njalonjalo, kubonakale kahle ukuthi ubohlobo buhlelwe kanjani.
Ngiyacela futhi amakheli eposi, amakheli e e-mail, izinombolo zocingo, izinombolo zefax, njalonjalo.
Ngifisa futhi ukuthatha lelithuba lokukwethulela izibongo zakwaNdebele uma ngabe awunazo. Zaqokelelwa ngu Nimrod Njabulo Ndebele, ubaba ongizalayo, owasishiya ngezi 13 July, 2000. Wawabhalela naye aMazankosi wathi: "Ngethula kini nazi izibongo zabakwaNdebele engiphumelele okwamanje ukuziqokelela. ... Zifundeni, niqede bese seniphawula lokho enikobonayo kuzo. Usho ukuthi wenelisiwe yizo ziphelele ngokwazi kwakho noma kukhona okungafakangwa kuzo. Uma kunjalo thumela masinyane kimi lokho okufanele kewengezwe." Nazi-ke
IZIBONGO ZAKWANDEBELE
E, Ndebele Mahaye kaMvanande Othethela uMantshinga noNtsele Mwelase! Abangaweli ngazibuko, Abawela ngezinsungulu. Wena owakwasihlathi esihamba ngendlela, Wena wakwa funisa umuntu inkonzo. Wena kaMagwaza engugwini, Owagwaza intombi nesoka. Mazankosi! Nina abakwaDindela, Nina abakwaMgolodelwa Ngokuzala uKhondlo Inkosi yaseMantshaleni. Amashayela phezulu ngokumbindlu. Amabethela isigogo. MaBhele balekani imilenze ibomvu. Ndaba! Nina abakwaBhensa, Nina abakwaMahaye, Niba bakaMakhaphazela, UNtunyelelwa wayeyisifamona. Ivande lathethwa uMantshinga noNtsele. UMekeza KaMshido. AbakwaNdaba ngokugoba amadolo. Imididwa edidwa ngamabala.
Nazo-ke, Mazankosi. Hlanganisani amakhanda, ningiphendule.
|